Makhosi Gadlamashinga Dundee

Makhosi Gadlamashinga Dundee Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Makhosi Gadlamashinga Dundee, Medical and health, graytownroad Sthole farm, Dundee.

Isduli nendlu yomnyovu. Qaqa izinto zakho lezi ezafungelwa zavalwa noma umuntu owayezilile. Thola umnyamathi, nukani, an...
10/06/2026

Isduli nendlu yomnyovu.

Qaqa izinto zakho lezi ezafungelwa zavalwa noma umuntu owayezilile. Thola umnyamathi, nukani, and maphipha. Lento izokugeza kusuke konke ubumnyama.

Ubisi 1L, umlotha wobulongwe or msimbane wembuzi, sh**ha konke nempepho wenze umlotha wakho, mcako, manzamhlophe, ndlelemhlophe, vulakuvaliwe and vuma. Hlanganisa lento uqunge izoba negwebu, ithethise itshele ivule konke okwakho okuhle . copy

08/06/2026

ngiyabonga ngeqiniso ekugcineni bathi bavaliwe kanti cha. nithatha izinto eningazazi. Nani zinyanga yekani ukusebenza ngamanga ebanwini

08/06/2026

Uvimbukhalo.

Igama lalomuthi osesithombeni kuthiwa uvimbukhalo. Lomuthi umila unabe phansi ugcwale ukhalo. Lomuthi uyintelezi enamandla kakhulu uma ngikhanda umuthi wokuxosha isilwane angiwushiyi.

Lomuthi ucishe ufane impela nalomuthi okuthiwa uBhoqo. Lomuthi uyangena uma kwakhiwa amabutho okulwa noma uma kwakhiwa intelezi yokuchela ekhaya ukuxosha imimoya emibi nokuvimba izinto zabathakathi zingangeni ekhaya ingakho mina ngiwufaka ezindukwini zokubethela umuzi.

Lomuthi uyangena emthini elapha ischitho, ukususa amathunzi, ukulapha imfuyo ukuba ikhuluphale izale yande.

Ngizowuthaka kuma comments , ukuze ubone ama comments wami kufanele follow my page ngaphandle kwalokho angeke uwabone ama comments wami.

NB: ASIKHOMENTI NGAMA STICKERS ‼️..

WENA ONGAKANGI FOLLOW.I NGICELA UNGI FOLLOW.E COFOZA IGAMA LAMI KUZOVELA U FOLLOW BUTTON EBESE UYANGI FOLLOW.A UBUYE NGO DONE..

🐝 UKUPHUPHA IZINYOSI: Kuwuphawu lwenhlanhla emhlophe, amadlozi, noma yisixwayiso? 🐝​Ngokwesintu sethu thina ma-Afrika, i...
06/06/2026

🐝 UKUPHUPHA IZINYOSI: Kuwuphawu lwenhlanhla emhlophe, amadlozi, noma yisixwayiso? 🐝

Ngokwesintu sethu thina ma-Afrika, izinyosi azifani nezinye izinambuzane. Izinyosi ziyizithunywa eziletha imilayezo ebaluleke kakhulu evela kwabaphansi (ethongweni). Uma uke waziphupha, n**i izincazelo ezivamile:
​✨ 1. Inhlanhla nengcebo: Uma uphupha izinyosi zenza uju, noma ulubona uju lwesikhonkwane, kuwuphawu lokuthi iyeza imivuzo yemisebenzi yakho. Izinto zakho zizolunga, ubusiswe ngezimali noma ngenqubekela phambili emsebenzini/ebhizinisini.
✨ 2. Ukuhambela Kwedlozi: Izinyosi zimele ukusebenza kanzima nobumbano. Uma ziziningi endaweni eyodwa zizolile, kukhombisa ukuthi umuzi wakho uvuvuzelwa ngenhlanhla namadlozi aseseduze nawe, alungisa izindlela zakho.
⚠️ 3. Uma zikuhlaba noma zikujaha: Lokhu kungaba yisixwayiso sokuthi kukhona ukungaboni ngaso linyane noma ingxabano emndenini edinga ukulungiswa. Kungasho nokuthi kukhona abantu abanomona ngawe emsebenzini noma emphakathini.copy

UNGA GIVE UP NOMA KUNZIMA ❤️🕯️Eii, inzima into yokuba nedlozi kakhulu uma sekumele ulilungiseAbantu abaningi bacabanga u...
06/06/2026

UNGA GIVE UP NOMA KUNZIMA ❤️🕯️

Eii, inzima into yokuba nedlozi kakhulu uma sekumele ulilungise

Abantu abaningi bacabanga ukuthi kuyinhlanhla ukuba nedlozi, kodwa abakhulumi ngobuhlungu obuhamba naleyo ndlela

Abakhulumi ngezinsuku lapho umndeni ungakunaki khona...abakhulumi ngesikhathi ubizwa ngohlanya...abakhulumi ngesikhathi abantu behleka izinkinga zakho ngoba bona bengaziboni.....aii nkosii bese kuvuka omunye emndenini athi naye unedlozi, bese umndeni wonke weseka yena😥 wena bengakunaki... kube sengathi ubuhlungu bakho abubalulekile, izimpawu zakho azisho lutho, nezinyembezi zakho azibonwa muntu

Kodwa khumbula lokhu:

Idlozi lakho alikhethwanga umndeni..yilo elakukhetha

Uma indlela yakho iyiqiniso, ngeke ivinjwe muntu noma ungesekwa muntu...noma ungahamba wedwa isikhathi eside, amadlozi akho ayazi ukuthi kungani ekukhethile.

Ungayeki ngoba abantu bengakukholwa.....ungayeki ngoba bekuhleka... Ungayeki ngoba omunye uthola ukwesekwa wena ungakutholi

Kwesinye isikhathi indlela yabadala ikufuna uwedwa

Qina. Thandaza. Lalela izimpawu. Unganikezeli. Isikhathi sakho sizofika. 🕯️❤️

Bhala uthi "Ngizoqina" uma uke wazizwa ushiywe wedwa kulolu hambo.

🕯️🙏🏾❤️

Usgidi.•Usgidi usetshenziswa abantu abanezitha kakhulukazi abantu abahlezi befunwa •ukwenza ungadubuleki imeqo amadliso ...
06/06/2026

Usgidi.

•Usgidi usetshenziswa abantu abanezitha kakhulukazi abantu abahlezi befunwa

•ukwenza ungadubuleki imeqo amadliso amafu amnyama izilwane izichitho konke okubi akusebenzi kuwe

•Siyagcatshwa isgidi siyafakwa emabhandeni nakwizi nhlanga zogcabo ungawphatha nangebhodlela usgidi

•ku sgidi kuthakwa lenhlabathi ekuthiwa i Mercury Inhlabathi e silver grey lenhlabathi iyimvela kancane ngoba itholakala ezi Mayini ze golide ngaphansi komhlaba emhlabathini ekujuleni komgodi

•isikhathi esningi ijwayele ukusetshenziswa ama scientist ukwenza izinto ezithile njengama thermometer, ama chemical u powder wesbhamu nokunye

•Lenhlabathi inamandla ngisho ingathakiwe iyodwa angiphathi ke Meke wayiThaka wayigcaba emashiyeni sengiyithakile

•Kwi zitha zakho awbonakali mawzodlula kuzona zizobona inja angeke zikubone wena

•uba nesthunzi usabeke uhlonipheke ungathatheki kancane ube nogazi uthandeke ube nenhlanhla

•Lana mawshaya impama noma inqindi indoda ivuka phansi uphuma amagwebu ngomlomo iquleke🙆🏽‍♂️

•Asigcini lapho ke usgidi uwsebenzisa ngezindlela ezahlukene eziningi yabona mangabe unalo muthi Usgidi (mercury) inhlabathi ungayithatha bese uyipheke uyhlanganise namanzi okade ugeza ngawo bese ufaka ebhodleleni la gologo uyoliphonsa esizibeni asoze zikuthole izitha.

•Usgidi uyakutshela mangabe kukhona okubi okuzokwenzeka Kuvele kungavumi ukuba uye lapho angithi usuke suku Xwayisa suk'balekisa ebungozini Kube kwena ke mawunenkani

Warning/isixwayiso

•Ungalinge uyfake emlomeni lento ayidliwa..!!! Uzofa Fi! Mawunezingane ngicela uqikelele ukuba uwbeka kude ngoba once yadla ngisho intencane ingane k'yobe kuphelile nodokotela angeke bayenze lutho
Copy

🍁uMkhonto🐂Umkhonto wokugwaza iNkomo uhlala kumuntu ogcina izinto zekhaya, okunguGogo noma ubani omdala. 🐂Kuthi umakuqedw...
06/06/2026

🍁uMkhonto

🐂Umkhonto wokugwaza iNkomo uhlala kumuntu ogcina izinto zekhaya, okunguGogo noma ubani omdala.

🐂Kuthi umakuqedwa ukugwazwawa kweNkomo ebese ubuyiselwa kwindawo yawo, ukuze ungagcini usulahleka ngoba nomndeni uyafa ngawo lomkhonto Uma kukhona ogangayo egcekeni Angawusebenzisa ukuqeda ngomndeni awufake okhambeni olusuke lunemithi ayithakile nife nonke izibhobo.

🐂Lomkhonto ngosuku lomsebenzi unikwa injoli okungumuntu okwazi ukushaya inxeba.
Copy

Impangele umvimbazaneEy angazi isiZulu nisifundephi bafethu, kodakee ngowakwa nkomo zinya upholishi, ikhubala la siligub...
02/06/2026

Impangele umvimbazane

Ey angazi isiZulu nisifundephi bafethu, kodakee ngowakwa nkomo zinya upholishi, ikhubala la siligubha la emva kwezindlu. Esithombenike nina benkashana kamenzi iskhukukazi neqhude impangele noma isikoshi ngolimi lwakithi. Lesilwaneke lesi esifakwe lana isona silwane esethula ngaso izinkinga empilweni yomuntu, siyangena egobongweni lezimoya noma ngabe ziyaganiswa ayisali lenkukhu iqhube elibomvu nemhlophe izithunywa abayazi abathwasa. Lesilwaneke syangena egobongweni uma sithinta izimoya ikakhulu ziganiswa asisali isikoshi isuke ingaphelele leyomimoya nalelogobongo bayazi abethwasa bahlupheka ay laba baku facebook. Nakhuke la engikhona mina, isikhukhuza lesi osibona lana uma iqhude lifuna ukucosha u1 🍑🍆 asibaleki lesi sivele silale phansi ligibele lizitike bese liyasuka. Lesikhukhukazike siwumuthi itebhe leso kakhulu, amafutha alesikhukhukazi ayangena laphana ezindukwini zomsebenzi, uma wakha lento ebizwa udumba sibumbu awasali intombi lana ivele ikuvulele amathanga udle nawe dadewethu emalini lana indoda ayikuphenduli ivele idonse wallet wayo ikunile imali leyo. Kuningike ngingaba lishone ilanga, angisathandi ukuthaka ngoba sigwema amasela koda khona awusali uZeneke, Vuma neMusa, Dumba ukubala embalwa so lanake konke okuhle kuwe kuyazeneka ngisho imali uqobo. Lentoke uyayishisa uyihlanganise nemali eliphepha ishunqe emalahleni uyixoxise usho konke okuhle okufunayo.

Lenkukhu-ke uyakwazi uku cloner ngayo umuntu abe mbili uma bemshaya ngemithi bagejele kulenkukhu, lesilwaneke siyayihlambulula imimoya uma ithole okwazi kahle ukwenza izinto zakhe. Lanake sikudonsela inhlanhla nyenyongo nje yayo. Angigeqike amagula kwazise angemuki phela.
Copy

Inkatha. Ake ngigadle kancane ngoba sengike ngakhuluma ngalento yikhoke skhuluma nabantu abanganaki nhlobo. Inkatha lena...
02/06/2026

Inkatha.

Ake ngigadle kancane ngoba sengike ngakhuluma ngalento yikhoke skhuluma nabantu abanganaki nhlobo. Inkatha lena ibamba ikhaya lithule du kungaphunyuki lutho, inhlanhla soze wayithwebula uma ikhaya linenkatha. Isibipho lesi sakhiwa selukwe umuntu osekhulile. Lesibophoke selukwa mhla kuzolungiswa ikhaya, laphana kusuke kuzoqala kukhishwe konke ekhaya abadala, bagezwe bahlanjululwe, nani nihanjiswe nogezwa either ngenkomo yegceke or nigezwele phezu kwekhanda lemvu emnyama, lapho sisuke sijulile sadlalisa omvalasangweni, sdikili, sithe, nezinye nje lapho kusuke kuvalwa izilwane ezidla ukudla ekhaya, umuncu, izipokwe ezingena ngezinhlabathi zamathuna, imithi efakwa egcekeni leyonto iyavalwa ithuliswe ithi du bese sihamba nanike sbuyeke ekhaya sohlala laphana ngaphandle kancane skhulume siluqale emlilweni udaba siluphethe emlotheni, kuba khona nokhanjana lwesiZulu lana uma senza lomsebenzi, sibe sesingenake ekhaya ngosiko lwakhona nani seni clean, bese siya kulenkatha okuyiyo ezomisa ikhaya, ibambe inhlanhla, kulotsholwe osisi, kuganwe abafowethu, uma uyofesa lana uhamba nezidalwa ezihlanzekile, izidalwa ziyavika imkhokha isuke ivaliwe ey ngingabala kushone ilanga. Lenkathake ifakwa imali emhlophe ekhungwa ngayo sonke thina begceke. Sengike ngawaqedake amagula ngalento. Wena obungakafiki lana buyela emumva uzobona Amen.

Indlu Yomnyovu Sengike ngakhulumake ngalendlu yalenunu. Uyazini uma kumele utete koda ubophekile noma ngabe uhlalelwe um...
02/06/2026

Indlu Yomnyovu

Sengike ngakhulumake ngalendlu yalenunu. Uyazini uma kumele utete koda ubophekile noma ngabe uhlalelwe umama ozilile etsheni ethi ungateti lendlu iyakuvala lokho. Uma suye eskhathi(periods) hlanganisa lento nomtulwa umviyo iyasiza ame ama period. Uma uyecaleni enkantolo or ku hearing emsebenzini lento ixube nocalakathethwa ugeze ngeke ubekwe cala khohlwa. Uphethwe zinyawo zivuvukele tholu salt, qethu yishise ibe insizi ubilise amanzi bese uthoba. Uma unenkinga yokuhona(snoring) iyasiza lento. Uma kunomsindo endlini or ekhaya nojwayela ukukorobha nichele izindlu ngayo lendlu wifake manzini. Inakho ukuba sasiduli uma isindala iyasiza ivule impilo yakho koda ayihambike yodwa, kuvuleka impilo la uqashwe usebenze. Uma unengwici engapheli izokusiza lento. Lenunu uma iphethe into udaka iyokwakha aluwi nhlobo ngiyidlalisa kwezemali uma usuyiphethe ingakuphunyuki koda khona edlaliswa nazoke. Loludaka kuningi kakhulu elikwenzayo angiphathi oselunomule uma yakhe endlini ebaswayo ay hamba ukhohlwe mkhulu umuthi othi thi. Indoda/intombi lento ibamba ithule ngoba ubona indlu yayo nje yakhiwa phezulu koda ayiwi nhlobo ngoba akukhandwa noma ngaluphi nje udaka koda uhlobo oluthize. Laphana espanini wena ofuna ukuthandwa ngeza ngalendlu, vulakuvaliwe, bheka, bisi, skhundla, mhlonishwa ay hamba ukhohlwe baba lana asidlali.

Address

Graytownroad Sthole Farm
Dundee
TRADITIONALHEALER

Telephone

+27768509991

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Makhosi Gadlamashinga Dundee posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Makhosi Gadlamashinga Dundee:

Share