25/03/2023
Sikhulekile ekhaya: namhlanje ngizokhuluma ngokubaluleka kwamaphupho. Ngokomthetho wonke umuntu kufanele aphuphe kodwa ke ngezimo ezithizeni kugcina iningi lingasaphuphi. Amaphupho asuke echaza isimo obhekene naso noma isimo osazobhekana naso. Ngokungazi kuyenzeka ukuthi uma uphuphile ukhulume ngalo ikakhulukazi kumuntu elimayelana naye. Loku kubakhathaza kakhulu abantu kwenze ukuthi bakwesabe ngoba uzobabonela izimfihlo zabo. Akekho-ke umuntu ofuna ubonelwa imfihlo yakhe noma into ayenzayo. Loko kugcina sekwakha inzondo
noma ugcina uzibona sowugadlwa ngemithi emibi yokukuvala. Kwesinye isikhathi kuyenzeka uphuphe kanti usuke uboniswa into eyenzeka empilweni yakho noma into esazokwenzeka. Kwesinye isikhathi usuke uxwayiswa ngesimo esenzekayo noma okusazokwenzeka. Uma ungumuntu ophuphayo futhi uphupha amaphupho aqondile abantu bavele bathi iphupho lenyongo. Alikho iphupho lenyongo. Wonke amaphupho aqukethe umlayezo thizeni osuke ulethelwa ngabadala noma izingelozi zakho. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi uqaphele ukuthi uphupha phupho lini ngoba amaphupho ayakhuluma. Kudingeka uvule amehlo engqondo ukuze ukwazi ukubona ukuthi akulethela yiphi inkulumo. Niboqaphela- amaphupho aqukethe imfihlo kanye nomlayezo wakho. Uma unephupho ongaliqondi kahle lithandazise ucele kubantu abadala ukuthi bakwambulele kabanzi ngalelophupho. Uzogcina uyithola impendulo. Uma kuyiphupho lesixwayiso lithandazise noma wenze loku abakushoyo. Ngelinye ilanga ngizokhuluma ngokuboniswa emaphusheni nokuthi kudingeka wenzenjani uma kwenzeka loko. Okwamanje nakhu okubalulekile:
* Alikho iphupho lenyongo wonke amaphupho abalulekile. Ngakho- ke take them seriously.
* Amaphupho aqukethe umlayezo thizeni wakho noma owabanye abantu. Uma uphupha kodwa ungazi ukuthi lichaza ukuthini iphupho cela kwabadala ukuthi bakwambulele.
* Uma ungasaphuphi kubi loko ngoba kusho ukuthi kukhona okuvalekile. Sebenzisa izinduku zokuvula amaphupho.
Ngethemba ukuthi kukhona okuncane okufundile ngamaphupho.
Camagu!!