isigodlo Sempilo NoMakhosi Cele

isigodlo Sempilo NoMakhosi Cele Siphilisa isizwe ngayo yonke indlela sibala impande,iziwasho,siyahlambulula,siyahlola,siyageza etc

Siyakhuleka eMakhosini , zindlondlo eziphuza kwezijulile iziziba. Ngizokhuluma ngenhlambuluko namhlanje. Lesihloko ave s...
18/05/2026

Siyakhuleka eMakhosini
, zindlondlo eziphuza kwezijulile iziziba.

Ngizokhuluma ngenhlambuluko namhlanje. Lesihloko ave sibalulekile kodwa siyaye sisalele emuva ezintweni ezivimba inqubekela phambili ohambweni luka moya.

Inhlambuluko ave ibalulekile kumuntu nase mndenini. Ekuhambeni endleleni singabantu futhi singumndeni kuyenzeka kube khona lapho sinyathelana khona obhozo kungenhloso kodwa ngenxa yokuthi singabantu asifani sibuye singaboni ngaso linye, yingakho kubalulekile ukuthi ningumndeni nibuye nihlale phansi nenze inhlambuluko nigonyuluke umuntu akhiphe konke okungaphakathi bese kuthelelwana amanzi kugezwane izandla kuqalweni ekhasini elisha.

Inhlambuluko iyodwa inamandla okuvula izinhlanhla ngoba nithola ukuthi senenze konke nakhipha imidliwa ekhaya kodwa kuqhubeke kube mnyama kuvamisile ukuthi lokhu enithi niyakulungisa kungalungi ngenxa yokuthi amathongo awajabule ngani adinga nenze inhlambuluko ngoba abadala abasebenzi ngelunga elilodwa kodwa basebenza ngomndeni wonke, uma bededela isibusiso babusisa umndeni wonke kanti futhi uma beqalekisa akekho osala ngaphandle.

Inhlambuluko iyanivikela nasezitheni ngoba umndeni obumbene isitha asikwazi ukuthola umnyango wokungena sizoxabanisa. Inhlambuluko iletha umoya wokuzwana nokubambisana ekhaya bese isondeza isibusiso sika Mdali nabadala sibe phezu kwenu ngoba uma nimoya munye niheha ubukhona buka Mvelinqangi ukuthi bunisingathe ngezikhathi zonke.

Ngakho ke sengivala, jwayelani ukuba nikwenze lokhu nithelelane amanzi. Ezinye izimpi azidingi okuningi zidinga nje ukuthula noxolo ekhaya ngoba lapho kunokuzwana khona nempumelelo iyanda ichichime.

Makhosi Cele

21/04/2026

Bayede eMakhosini siyabingelela zindlondlo ezinhle iyabingelela imamba emnyama uMbeje isigalaza esimehlo abomvu.

Namhlanje ake ngikhulume ngendaba ekade ngibuzwa ngayo indaba yomndawu kubantu besifazane nokuya esikhathini.

Uma ungumuntu wesifazane umbethwe umndawu kumele wazi ukuthi uzohlezi unenkinga ngendaba yokuya esikhathini ngoba umndawu uhlala esibelethweni kubantu besifazane futhi uma ungakalungiswa wagezwa wahlambululwa uba yinkinga ngoba nezinsuku ongena ngazo esikhathini ziyahluka futhi uba ngumuntu owophayo kakhulu uma usezinsukwini uba ngumuntu ozwa ubuhlungu ngalendlela.

Umndawu uthanda amanzi udla amanzi uphakama ngamanzi uthanda ukuhlala lapho kunamanzi khona isibeletho siseduzane namanzi esinye yingakho futhi uma inyanga igcwele uzozwa ubunzima obukhulu ngoba inyanga iyona elawula amanzi yingakho nasolwandle uma inyanga igcwele amagagasi aba namandla amakhulu ngoba nathi imzimba yethu singabantu imbethwe ngamanzi kakhulu.
Ingakho abantu besifazane bahlangabezana nenkinga enkulu yokulahlekelwa abantwana ngokuphuphuma kweziso ingoba umndawu uvele udle yonke imbewu ehlala esibelethweni. Ngiyema lapho eMakhosini.

Makhosi Cele

Bayede esigodlweni sempilo,zindlondlo eziphuza kwezijulile iziziba ngoba uma ziphuza kwezimfishane zibuya nodaka iyabing...
11/07/2025

Bayede esigodlweni sempilo,zindlondlo eziphuza kwezijulile iziziba ngoba uma ziphuza kwezimfishane zibuya nodaka iyabingelela imamba emnyama.

Namuhla ngizokhuluma ngesihloko abantu abaningi asebecelile ukuthi ngibacacisele ngaso indaba yokuqukula.

Kuyini ukuqukula?
Ukuqukula inkonzo lapho umelaphi wendabuko esuke enza lokhuthi ngesilungu esithi exorcism kodwa ethe ukwehluka kancane. Umelaphi usuke engena ngokomoya esigulini sakhe afike aqukule akhiphe lento okuyiyona ehlupha isiguli kungaba imimoya emibi noma ukugula okuthile ebese leyo mimoya noma ukugula kugwinywa idlozi lalowo melaphi kungene kuye.

Kwenziwa kanjani ukuqukula?
Ziningi izindlela zokuqukula zindlondlo kuyaye kuye nangokuthi imimoya ekuwe njengomelaphi isebenzisa yiphi indlela.
Uma uqukula njengo melaphi ilapho uphakamisa imimoya uvusa idlozi elikuwe ukuze likwazi ukungena kwisiguli sakho ebese njengoba igama lisho nje idlozi bese liqukula noma ngamanye amazwi likhiphe lento egqilaza umuntu kungaba imimoya emibi eyangena kumuntu noma isigulo esithize njengekhanda elingapheli esekuzanywe yonke into kodwa kwazinhlanga zimuka nomoya. Uma nje ngingayibeka ibe lula lento ngingathi umelaphi usuke ekhipha isigulo esithize ngokungena ngaphakathi ngokukamoya kumuntu ebese ephuma naso leso sigulo umuntu aphile abe umqemane.

Abantu abaningi bayaye baphambanise ukuqukula nokufemba, lezi izinto ezimbili ezingafani neze. Ukufemba ilapho uvusa idlozi lomuntu ukuba likhuphuke kuwe njengo melaphi lingene kuwe ebese likhuluma ngawe lisho konke elikudingayo nezimfuno zalo.

Ukuqukula akuyona into eyenziwa inoma imuphi umelaphi ngoba iyingozi uma ungaqinile kahle ngoba ungathi uzama ukuqukula umoya othile kumuntu kanti lowo moya unamandla kunawe ebese uyalimala.
Ijulile indaba yokuqukula futhi iyasiza kakhulu ngoba ezinye iziguli nemimoya emibi efana nemidliwa iyaye ingakhipheki ngendlela ejwayelekile yokwelapha ize idinge engathi ingaqubulwa umelaphi.

Makhosi Cele
0815069316

Siyakhuleka eMakhosini.Iyabingelela indlondlo ephuza kwezijulile iziziba.Namhlanje abadala bakhuluma ngendaba yesabelo.W...
20/04/2025

Siyakhuleka eMakhosini.
Iyabingelela indlondlo ephuza kwezijulile iziziba.

Namhlanje abadala bakhuluma ngendaba yesabelo.
Wonke umelaphi unikiwe isabelo sabantu abalethwe kuye ukuthi abelaphe. Inkinga yethu thina belaphi banamhlanje ukuthi asifuni ukwamukela isabelo sohambo lwethu kodwa sihalela izinto zabanye abantu esizibona benazo.

Lalela ntwana wethongo ungafuni ukuhambe ulapha wonke umuntu ngisho nongabizelwe kuwena ngoba uzobe uzifaka kwingcindezi yokuhamba kumzila okungewona owakho.
Hlala emzileni wakho ubhekane nalokhu onikwe kona ilapho isibusiso sikhona.

Ngeke mase ufika kobaba mkhulu bakubuze ukuthi usize abantu abangakhi kodwa bayokwahlulela ngokuthi kulabantu obasizile bangakhi obalaphe ngokweqiniso.
Ngisho noma kungangena umuntu oyedwa esigodlweni ngenyanga kulungile lokho isabelo sakho funda ukwaneliseka ngalokho onakho.

Othenjwa ngokuncane uyathenjwa nangezinto ezinkulu.

Makhosi Cele

0815069316

Bayede eMakhosiniUyabingelela uMbeje umfazi onempandla indlondlo esho ngamehlo abomvu.Ave kubalulekile ukugeza unyaka uq...
14/01/2025

Bayede eMakhosini
Uyabingelela uMbeje umfazi onempandla indlondlo esho ngamehlo abomvu.

Ave kubalulekile ukugeza unyaka uqala nje kungu January uma senza njalo sisuke sizihlukanisa sizilungisa sidlulisa konke okwenzeke onyakeni odlule siqaqa izibopho namafindo onke ukuze njengoba siqala unyaka omusha siwuqale izindlela zethu zimhlophe sihamba sikhululekile singenamathunzi amnyama phezu kwethu ngaleyo ndlela unyaka wonke uba unyaka omuhle oneminyango evulekile.

Abantu abangene emanzini ahambayo impilo yethu yonke isemanzini.
Nansi induku yokugeza isusa amathunzi amnyama iphinde ihlambulule wena kanye nezidalwa ohamba nazo.

* Umhlambamanzi
* Unukani
* Umaphipha
* Umsuzwane
* Umathunzi entaba
* Umungwe
* Usehlulamanye
* Isiqunga
* Umsanka

Geza, ugqume uphinde uphalaze izinsuku ezinhlanu

Makhosi Cele

09/12/2024

Bayede eMakhosini

Namhlanje sizokhuluma ngokugquma/ ukufutha

Ave ibalulekile le nkonzo zindlondlo noma abanye beyibukela phansi kodwa imiphumela yayo iyabonakala futhi inenzuzo enkulu uma ungumuntu.

Omunye uzobuza ukuthi kubaluleke ngani ukugquma?
Ukugquma kuyasiza kakhulu ukukhipha ukungcola okungaphakathi kumuntu lapho sibala izichitho namadliso anenkani agolozayo ukuphuma uma uphalaza. Lokushisa kwesifutho kunamandla okukhuculula lokungcola namadliso kuphume ngeziqu zoboya ngenkathi ujuluka.

Okumele sikukhumbule zindlondlo ukuthi idlozi liphila ngaphakathi kumuntu yingakho ingaphakathi lakho kumele lihleze lihlanzekile ngezikhathi zonke ngoba abadala abahlali endaweni engcolile yingakho sisebenzisa lokushisa kokugquma ukukhipha konke okungaphakathi okungcolile ngenkathi sibila isifutho ushiselwa ujuluka kugezeka ngisho nesikhumba sakho kusuke isikhwakhwalala nesinyama esiba kumuntu ngenxa yokugadlwa ngezichitho nemithi emibi umuntu agezeke abe muhle athandeke nakubantu abe nogazi uma uyinsizwa yakwenu izintokazi zingabaleki uma uzimisa noma uyintokazi yakwenu izinsizwa ziphenduke nawe.

Maningi amanye amabenefits okufutha kulaba abahlushwa bloop pressure uma uzijwayeza ukufutha iyehla kanti futhi uma unenkinga yekhanda elingapheli uzijwayeze isifutho. Uma ubusuzame konke ukwehla emzimbeni usuhlulekile walahla ithemba ake uzijwayeze isifutho ubone ukuthi ngeke unciphe yini.
Isifutho sakho asibe 15-20 minutes kuya nangesikhumba somuntu abanye bayashesha ukuzwela ungaqhubeki noma usuzwa ukuthi akusavumi lokho kungaba ingozi.

Sifakani uma sigquma?
Kuya ngomuntu ngane zakwethu omunye uzofaka isiwasho emanzini agqume ngaso omunye ugquma ngempande kanti futhi omunye avele agqume ngamanzi wodwa kuya ngokuthi ugqumela ini. Uyakwazi ukugquma ngoba ufuna ukugezeka lapho zikhona izinto zakhona ziyatholakala lapha. Omunye ugqumela ukuthandeka angaconsi phansi nazo futhi izinto zikhona lapha. Omunye wenzela ukugeza idlozi nezidalwa azihlambulule njalo njalo.
Abanye bazobuza ukuthi umboza ngengubo noma uplastiki uma ufutha? Ngizothi uplastiki ungcono ngoba ugezeka kalula bese uwubeka elangeni uma usuqedile uzokoma kodwa uma ungenawo ungayisebenzisa nayo ingubo bese uyikhiphela ngaphandle uyibeke elangeni uzijwayeze nokuyiwasha noma kanje ngeviki kuya nangokuthi ugquma kangakanani

Makhosi Cele

Bayede eMakhosini Namhlanje sibona into eyimvela kancane sibona esithombeni isithunywa esiwukhozi sihleli phezu kwamakho...
28/10/2024

Bayede eMakhosini

Namhlanje sibona into eyimvela kancane sibona esithombeni isithunywa esiwukhozi sihleli phezu kwamakhosi siwahlebela umlayezo, imvelo ave imangaza ubuhle bayo abunamukhawulo.

Nasemimoyeni yobungoma kwenzeka njengoba sibona kulesi thombe amakhosi amakhulu asebenzisa isithunywa uma efuna ukuxhumana nathi bathumela umlayezo kuso bese sona sifika sesiwuletha kithi bese sibuyela emuva sesiyobika ukuthi umlayezo usuthunyelwe kumnikazi. Yingakho kubalulekile ukuba uma ulungisa izinto zabadala uqale ulungise isithunywa uphakamise sona kuqala bese usihlalisa kahle kuyima ulandela ngedlozi.

Okunye okubalulekile ukuba sikuqonde ukuthi uma unedlozi nakanjani isithunywa uhamba naso kodwa kuyenzeka umuntu abe nesithunywa kuphela angabi nawo umoya wedlozi.

Ukhozi lolu esilubonayo lumele izithunywa zaphezulu ezinamandla abantu abajwayele ukubona ukhozi emaphushweni abantu abangaba phrofethi abanamandla abashayi eceleni uma bebhula futhi bangabantu abahamba namakhosi.

Ibhubesi leli imbube enamandla imele amakhosi amakhulu abantu abahamba nobukhosi bugijima egazini labo ngaphakathi.
Umndawu wase hlane iwona ojwayele ukuziveza ngalo ibhubesi leli lapho usike uhamba namakhosi asehlane nasezintabeni.
Kunokwenzeka abanye baphuphe yona imbube lena iphakathi emanzini lapho ke zindlondlo usuke uhamba nomndawu wase manzini amakhosi amakhulu ase manzini.


Makhosi Cele

Bayede eMakhosini.Namhlanje ngizogxila endabeni yokuthwasa.Sekukaningi kukhulunywa ngale ndaba yokuthwasa kodwa kukhona ...
24/10/2024

Bayede eMakhosini.

Namhlanje ngizogxila endabeni yokuthwasa.

Sekukaningi kukhulunywa ngale ndaba yokuthwasa kodwa kukhona izinto ezithile engifisa ukuqwashisa abantu ngazo.

Sinezinhlobo ezimbili zokuthwasa eyokuqala ilapho umuntu eyohlala ephehlweni kugobela atshengiswe yena abadala ayi lona azikhethele yena ukuyothwasa kuye.
Okwesibili sinabantu abathwasiswa ithongo labo abavezelwa ithongo konke okumele bakwenze nezimfuno zabadala nanokuthi indlela yabo izohamba kanjani. Le nhlobo yabantu ayibi nogobela kepha uba nomsizi okulekelelayo.

Namhlanje ngifuna ukugxila kumuntu obizelwe ephehlweni wanikezwa ugobela abadala.

Asiqale lana zindlondlo siqonde lokhu ngaphambi kokuba umuntu aqale indlela yentwaso kumele adlule esigabeni sokulashwa kuqala lapho umuntu simulapha ngokwemimoya ngoba baningi abantu abaze bangene entwasweni kungafanele ngenxa yokuthi umuntu akazange alashwe kuqala.
Kunabantu abaphethwe ukugula kokhokho uthole ukuthi ekhaya kukhona umuntu owayenobizo wathwasa wangaqeda noma walubalekela ubizo. Into eyenzekayo lapho ukuthi ubizo luyadlulela esizukulwaneni esilandelayo ngendlela yokuthi lona elizomungena uzogula ngendlela yokuba ngathi kumele athwase kanti into efunekayo ukuthi kumele alungise lamacala alo khokho ongaqedanga intwaso yakhe noma lona owabalekela ubizo.

Okunye okwenzakalayo abantu abaningi bahamba namafufunyane imimoya eziveza njengedlozi elidinga ukuthwaselwa kanti cha.
Amafufunyane imimoya emibi ethunyelwayo kumuntu ukuthi ivale impilo yakhe ilethe nokugula okungapheli bese kuthiwa umuntu kumele ayothwasa kanti cha kudinga ukukhishwa lemimoya emibi qha impilo iqhubeke.

Bese kuba abantu abahamba nemidliwa nayo futhi iyaziveza njenge dlozi elidinga ukuthwaselwa kanti cha umdliwa umsebenzi wawo ukuthi umoshe ubhidlize konke okuhle okusekhaya umdliwa uyamosha uletha ingxabano ekhaya abantu bangazwani kuvaleke yonke into ekhaya kube mnyama kungalungi lutho. Umdliwa uyalahlwa ngendlela yakhona umuntu angabe esagula nhlobo alaphe engazange ayothwasa nhlobo.

Uma umuntu eselashiwe kwakhishwa konke ukugula ilapho ke sesikwazi ukubona khona ukuthi ngabe usadinga yini ukungena entwaseni ngoba abanye abantu bafakwa entwasweni behamba nedlozi elibi bafike baphakamise idlozi elibi umuntu aze aliphothule mase umuntu esephumile ephehlweni kungalungi lutho abe umphuphe engaboni lutho kungangeni muntu nasesigodlweni ngenxa yokuthi wathwasa kungafanele noma wathwasa idlozi elibi.

Abanye babuza ukuthi pho makhosi idlozi livuma kanjani ukuthwasiswa uma kungamele? Impendulo yami ithi alikho idlozi eliyonqaba uma wena uliyisa ephehlweni ngenkathi idlozi lizokubuka nje uthwase uqede ukwenze konke lizithulele ngoba konke lokhu okwenzayo ukwenza ngokuqonda kwakho awuzange ubuze bona wothi uqeda kuthwasa kwakho idlozi libe likukhomba la lona lifuna uyothwasa khona yingakho kunabantu abathwasa bengaqedi unyaka nonyaka umuntu uyothwasa endaweni ehlukene ingenxa yokungaleli.

Kubalulekile ukulashwa komuntu before engane entwaseni lokhu kuvimba ukuthi abantu baphakamise amadlozi amabi nanokuthi kuvimba ukuthi abantu bathaswe ngesibongo okungesona okumele athwase ngaso.
Ngiyacela ogobela abenze isiqiniseko sokuthi umuntu ngaphambi kokuthi umfake entwasweni mulaphe kahle kuqala umhlolele ngokweqiniso kulungiswe onke amacala kuqala ngoba kuzoba nzima ukuthi kulungiswe lamacala uma umuntu eseqalile entwasweni.



Makhosi Cele

Bayede eMakhosini Indlela yethongo ayilula ubizo luyabiza kodwa noma ngabe sekunyukela kanjani ungakhohlwa ukuthi uwuban...
22/10/2024

Bayede eMakhosini
Indlela yethongo ayilula ubizo luyabiza kodwa noma ngabe sekunyukela kanjani ungakhohlwa ukuthi uwubani nokuthi obani abakubizile.

Ukubekezela kuletha izithelo ezinhle ungasuki endaweni yakho hlala ulinde ukukhanya kuzofika nakuwe

10/10/2024

Ubozijwayeza ukubagayela nje abantu abadala behlise ukoma.

Address

59 Tugela Avenue, Ncandu Park
Newcastle
2940

Telephone

+27726610276

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when isigodlo Sempilo NoMakhosi Cele posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to isigodlo Sempilo NoMakhosi Cele:

Share