Mkhulu Locksmith

Mkhulu Locksmith Traditional and Western Healer. uMthandazi
a diviner
prophet
dream interpretator
candle reading
iNyanga eshaya umhlahlo

10/08/2022

Ameni, Ngane zakwethu Ngiyabingelela.

Iphupho / ithongo

Amaphupho / amathongo ayayixoxa indaba.
aphethe imilayezo eyisexwayiso, amanye ayizibonakaliso (vison) / ayinhlolo, amanye angumhlahla-dlela ngoba akhombisa okuzokwenzeka ngokuzayo , okwenzekayo, okwenzekile kanye nokungahle kwenzeke.
Kusuke kungabakini, zithunywa noMvelinqangi okukhanyiselayo.
(Angikhulumi ngawenyongo)

Uma sewuphuphile noma sewuthongile, kumele lihlaziywe ngokujula komoya ngumelaphi noma umuntu omdala ekhaya. Kodwa ukuze lizohlaziywa ngendlela uwuzwe noma uthole wonke umyalezo odlulisiwe kumele lihlaziywe ngomoya.
Uma ungelikhumbuli noma lingacaci, kubalulekile ukuzihlambulula, ukhuleke ngamandla, uphahle ucele ukuba ucaciselwe.

Amaphupho uma ekhomba okungenzeka kwesinye iskhathi uma kuyinto embi njengeGadlo, idliso, isifo, inhlanhla eshabalalyo njalonjalo, kungagwemeka noma kungavimbeka, ngaphandle mase kufike iskhathi esabekwa uMvelinqangi.
Noma kwesinye iskhathi akhombe inhlanhla ethile, yenza ke isqiniseko sokuthi uyayihlangabeza ikuthole usendaweni la ungayamukela khona noma uzihlanze ulungise isimo sakho.

Amanye akhomba osekwenzeka (imikhokha, izinto engenziwanga - ezinye zenziwa kwangemukeleka), lapho mele kube ukuthi uyazama ukulungisa ngendlela yakhona. Uphinde uphahle, uthandaze ubike ucele ukuphiwa amandla.

Wena ongaphuphi kwenziwa yini?
oncolile
ongaqondile - mawusebenzisa isbongo okungesona,
wedalwa phezu kwesimo sakho,
elincolile nelingaqinisiwe,
islwane,
- amathunzi amnyama,
ukuhlanjululwa (cleansing)
.

Ngiyanxusa ukuba siwasukumele siwalandelele amaphupho namathongo esiboniswa wona ukuze sizothola ukuphila.
Ngoba akusizi uphuphe, lihlaziywe iphupho bese ungenzi lutho, kuyoba khona ukuzisola okukhona.

Sukuma ulungise iskhathi sisekhona!

Amen 🙏🏽
Ngiyathoba
UMthandazi wakwaMthethwa
082 768 9728 (Call / Whatsapp VN)

Emakhosini bantwana beDlozi.Niqhubeke nibe neviki elihle,Kwanga ungathola indaba ezimnandi, kuphenduleke imikhuleko, izi...
02/08/2022

Emakhosini bantwana beDlozi.

Niqhubeke nibe neviki elihle,
Kwanga ungathola indaba ezimnandi, kuphenduleke imikhuleko, izicelo, kubuye impendulo, uphase leyoTest/Interview kuleliViki

Jehova neDalwa zinibusise
Ameni 🙏🏽

Mkhulu Locksmith 🐆
Mthandazi wakwaMthethwa
082 768 9728

10/06/2022

Thokozani 👏🏽

UMkhulu uMthandazi wakwaMthethwa uzobe esebenzela eGoli ngoJuly

Mawufisa ukuthola noma ngabe iluphi usizo,
Ungangithinta kusemanje kunansi inumber.

082 768 9728

Nkosi inibusise

06/06/2022

Amen. Ukuthula ekhaya 🙏🏽

Ngiyabingelela ngane zedlozi.
Nakhu okuncane nje

Sikwinyanga uJune manje,
U-Half wonyaka manje ngokuthwalwa umdali silapha.
Ake uzihlolisise, uhlaziye, ubheke, uyakwazi wena obufuna kukuzuza, obufuna kukuzama, obufuna kukuqala nom obufuna kukuqala unyaka ungakopheli.

Iskhathi lesi sokuthatha ikhefu, ukhokhe umoya, ubuyise amandla, uPHAPHAME uvuke emaqandeni.
Uqoqe amandla, ubuye ngamandla uqhubeke, uqale, uzame, abanye bazame futhi! Uphokophele ujonge phambili!

Vuka uzithintithe, Ungapheli umoya, iskhathi soshintsho, kodwa futhi ungajahhi, ungaphoqi.
Ngoba ngeke kuhlale kunjena! Bekezela! Uhlale ethembeni, kuzolunga 🤞
Phahla-uThandaze-uThobe-uLalele 👏🏽

Makulawule uxolo kuzo zonke izimo.
Ameni 🙏🏽
UMthandazi wakwaMthethwa

26/04/2022

Emakhosini 👏🏽 👏🏽

Ngiyanibingelela kini makhosi amakhulu
Thokozani bogogo nabomkhulu
Ameni kini nonke

Bingelela nawe bese ubuza ngephupho ovuke nalo

Calls/whatsapp: 082 768 9728

Address

Heeren Street
Vryheid
3100

Opening Hours

Monday 10:00 - 20:00
Tuesday 10:00 - 20:00
Wednesday 10:00 - 20:00
Thursday 10:00 - 20:00
Friday 10:00 - 20:00
Saturday 10:00 - 20:00
Sunday 13:00 - 17:00

Telephone

+27827689728

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Mkhulu Locksmith posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share